I-Restoration Ministries ikhuthaze abafundi ukukhetha izifundo abazozenza kusanesikhathi

Ibandla iRestoration Ministries eliseSiphingo bahlele i-career day lapho bebehlanganyele khona nabazali, abafundi baka grade 10, 11, 12, nasebephothulile ugrade 12 ngokulekelelwa izikhungo zemfundo ephakeme esingabala kuzo. PC Training, Coastal Tvet College, Ukzn, Cao, ukuzokhuthaza abafundi ngokukhetha izifundo kusanesikhathi kanjalo nokumele bakuqikelele kakhulu ukuze bathole izikhala ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Continue reading

Kuhlomule abafundi ababalelwa ku 14,000 ohlelweni lokwelulekwa kowe Inyala Future Fit

Abafundi abangaphezu kuka-14,000 KwaZulu-Natali baye bagqugquzelwa ngohlelo lwe-Nyala Future Fit Programme, okuwumkhankaso wokweluleka ngemisebenzi owenziwe ezikoleni ezingu-21 emiphakathini engenazo izinsiza kusukela ngo-Okthoba 2022 kuya kuMashi 2023. Lolu hlelo lugxile kakhulu kubafundi abasemaBangeni 9, 11 no-12. Lona bekuwumsebenzi owenziwe ngokubambisana phakathi kwe-Careerlinx Empowerment Solutions, i-Career Connect Group, kanye ne-Nyala, ibhrendi yasendaweni ezibophezele ekugqugquzeleni intsha yaKwaZulu-Natal kanye nokulwa nenkinga yezinga  eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi.

Continue reading