Kuhlomule abafundi ababalelwa ku 14,000 ohlelweni lokwelulekwa kowe Inyala Future Fit

Abafundi abangaphezu kuka-14,000 KwaZulu-Natali baye bagqugquzelwa ngohlelo lwe-Nyala Future Fit Programme, okuwumkhankaso wokweluleka ngemisebenzi owenziwe ezikoleni ezingu-21 emiphakathini engenazo izinsiza kusukela ngo-Okthoba 2022 kuya kuMashi 2023. Lolu hlelo lugxile kakhulu kubafundi abasemaBangeni 9, 11 no-12. Lona bekuwumsebenzi owenziwe ngokubambisana phakathi kwe-Careerlinx Empowerment Solutions, i-Career Connect Group, kanye ne-Nyala, ibhrendi yasendaweni ezibophezele ekugqugquzeleni intsha yaKwaZulu-Natal kanye nokulwa nenkinga yezinga  eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi.

Ngokusho kwemibiko yakamuva, siphezulu kakhulu isibalo sabantu abangasebenzi  KwaZulu-Natal, cishe u-60% wentsha yethu awusebenzi njengamanje. Lokhu kwenza i-Nyala Future Fit Programme ibaluleke nakakhulu, njengoba inikeza abafundi amathuluzi abawadingayo ukuze bafinyelele imigomo yabo yomsebenzi futhi bafake isandla ekusaseni lemiphakathi yabo,” kusho uJennifer Higgs, Umqondisi Ophethe we-Careerlinx Empowerment Solutions ne-Career Connect Group.

Abafundi beBanga 9 bafundiswa ngokukhetha izifundo, kwathi abeBanga 11 no-12 bafundiswa ngendlela yokulungiselela ikusasa, kuhlanganise indlela yokufaka isicelo sokuxhaso kanye nokusebenzisa ama-NGO ukuze bathuthuke emisebenzini yabo.  Ukwenezela emihlanganweni yokuqeqesha, abafundi bathola izincwajana ezinolwazi ukuze zibasize ekulungiseleleni imisebenzi abazoyenza esikhathini esizayo.

Lolu hlelo luye lwaba nomthelela kubafundi, futhi abaningi baye bachaza izinto abazijabulele. Umfundi weBanga 11, u-Anele Mkhize, uthi, “Uhlelo lungivule amehlo lwangenza ngabona amathuba amaningi emisebenzi ebengingazi ukuthi akhona. Ngizethemba kakhudlwana manje ngokukhetha umsebenzi engizowenza esikhathini esizayo.”

Omunye umfundi weBanga 12 uZenzele Khumalo, uyabonga ngokukwazi ukufinyelela kuxhaso kanye namathuba e-NGO afunde ngawo ohlelweni. “Ngivela emndenini ontulayo, futhi bengicabanga ukuthi ngeke ngikwazi ukuba nemali yokuya enyuvesi. Ngenxa ye-Nyala Future Fit Programme, manje nginethemba ngekusasa lami,” esho.

“Kusemqoka ukuhlomisa intsha yethu ngamakhono adingekayo kanye nolwazi ukuze yenze izinqumo ezisekelwe olwazini mayelana nekusasa lazo,” kusho uSibongile Mooko, Isikhulu Esiphezulu Sokumaketha e-Premier FMCG, ekhiqiza i-Nyala. “Phakathi nohlelo, ithimba le-Nyala Future Fit lavakashela izikole ezingu-21, lanikeza abafundi isiqondiso esibalulekile ngemisebenzi kanye nesikhuthazo,” esho enezela.

I-Ladysmith roadshow, eyabanjwa ngomhla ka-26 no-27 Okthoba 2022, yafinyelela abafundi abangu-1,800 abavela ezikoleni ezine: Qophindlela High School, Ekukhuleni Secondary School, Bhekintuthuko High School, kanye neSakhelwe High School. I-Empangeni roadshow, eyabanjwa kusukela ngomhla ka-20 kuya ku-25 Febhuwari 2023, yafinyelela abafundi abangu-4,430 abavela ezikoleni eziyisithupha: Empangeni High School, Dover Combined Farm School, Khombindlela High School, Old Mill High School, Riche High School, kanye neThanduyise High School.

I-Newcastle roadshow, eyabanjwa kusukela ngomhla ka-27 Febhuwari kuya ku-01 Mashi 2023, yafinyelela abafundi abangu-4,720 abavela ezikoleni eziyisithupha: Osizweni High School, Indonsa High School, Masambisane High School, Thubelihle Secondary School, Cacamezela High School, kanye neThembintsha High School. I-roadshow yokugcina yabanjwa eDundee kusukela ngomhla ka-06 kuya ku-08 Mashi 2023 futhi yafinyelela abafundi abangu-3,770 abavela ezikoleni ezinhlanu: Dundee Secondary School, Dundee High School, Thalana Secondary School, Sebenza Kusakhanya Secondary School, kanye neSarel Cilliers High School.

Ukwenezela emihlanganweni yokuqeqesha, i-Nyala yasabalalisa amalitha angu-3 000 aMahewu eLadysmith nasEmpangeni futhi kwanambithwa amaphakethe ephalishi elivuthwa ngokushesha angaphezu kuka-5 800 e-Nyala 100g eNewcastle naseDundee. Abafundi bakujabulela lokhu kudla okumnandi, okwafaka isandla empumelelweni yalo mkhankaso. “Njengebhrendi eziqhenyayo ekhiqizwa ngokuphelele KwaZulu-Natal, sizibophezele ekugqugquzeleni intsha yaKwaZulu-Natal kanye nokulwa nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi. Sikholelwa ukuthi i-Nyala Future Fit Programme iyisinyathelo esibalulekile ekwakheni ikusasa eliqhakazile lentsha yethu,” kuphetha uMooko.

Ukuze uthole imininingwane eyenziwe nge-Nyala kanye ne-Future Fit Programme, xhumana noSibongile Mooko lapha Sibongile.Mooko@PremierFMCG.com | 079 499 5765.