SAMUKELISIWE MBONAMBI
Izinhlelo zokukhuculula ziyaqhubeka ezindaweni ezahlukene njengengxenye yokuhanjiswa kwezidingo. Lokhu kuza ngemuva kokuthi iMeya yeTheku uKhansela uMxolisi Kaunda ehlangane nabasebenzi bakaMasipala basezifundeni ezahlukene ngenhloso yokuqinisa umsebenzi okumele wenziwe ukuze kuphuthunyiswe ukuhanjiswa kwezidingo kubantu. “Sizimisele ngokubhekana nezinselelo zokuhanjiswa kwezidingo nokuhlanza imiphakathi yaseThekwini.
Imikhankaso yokuhlanza eqhubeka ezindaweni ezahlukene iyisinyathelo esisithathile ukuze sibhekane nokungcola nezinye
izinselelo emiphakathini,” kusho iMeya uKaunda. Phakathi kwezinhlelo zokuhlanza zeDolobha wuhlelo lwe-Operation Good Hope (OGH) lapho khona kuhlangana iminyango eyahlukene ukuze ibambisane ekuhambiseni izidingo emiphakathini. Ezinye zezinkinga okubhekanwe nazo wukuqoqwa kukadoti, ukunakekelwa kwengqalasizinda yemigwaqo,
ukulungisa amapayipi amanzi aqhumile, ukwakhiwa kwezindlu, ukuqinisekisa ukugcinwa komthetho kaMasipala, ukuhlolwa kokudla, ukugunda utshani, ukunqunywa kwezihlahla nokunye. Kunxuswa abahlali ukuba nabo babambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi izindawo zabo zigcinwa zihlanzekile. Lokhu kuzosiza ekunqandeni amagundane, omiyane nezinyoka. Ukuqeda izindawo okulahlwa kuzona ngokungemthetho nokukhipha udoti ngosuku olufanele lokuqoqwa kukadoti kuzosiza ekugcineni imiphakathi ihlanzekile. Umkhankaso we-OGH uzovakashela emawadini 11, 26 no-84 maduze.