THOBILE MBATHA
Owesifazane uNksz Fundile Mcoyi (26) usiza abasafufusa ukukhulisa amabhizinisi echaza ezinkundleni zokuxhumana ngokwenze wasungula i-Aliment Consultants Marketing ngo-2017 uthe, lena inkampani esiza osomabhizinisi ikakhulu abanamabhizinisi angakachumi ukubamakethela amabhizinisi abo, ngibachushise nangamasu okumele bawenze ukuze akhule.
UNksz Mcoyi waseMagabheni ngaseMgababa, uthe bekumkhathaza ukubona abantu beqala amabhizinisi kodwa bagcine bekhathala endleleni ngoba bengakwazi ukuwasabalalisa kahle ebantwini. “Thina singena lapho-ke, sisize ngamasu okubalekelela ukukhulisa amabhizinisi, siphinde sibaxhumanise neminyango efanele ukubasiza ngokwezidingo.
“Sisebenzisana nabanolwazi olunzulu lokuphatha nokulondoloza imali, okungenye yezinto ehlupha osomabhizinisi. Ngaphezu kwalokho, sisiza osomabhizinisi ngokubaxhumanisa nabanye bamabhizinisi ahlukene, ngoba sikholwa ukuthi sonke siyadingana, futhi akusizi ukuthi umuntu azenzele konke yedwa,” kuchaza uNksz Mcoyi.

