U-Andile Ndlovu (18) waseNyavini kodwa obuye atholakale eMlazi esigcemeni saka S ungene endimeni yezomculo ngonyaka ka2021 enza umculo weHip-Hop kanye naMapiano ngeStage name sika Tripiiey Triller.
“Yize ngingakawufaki umsebenzi wami ezitolo ezidayisa umculo kwi-inthanethi kodwa ukhona esengike ngawukhipha lapho ngingabala khona Umsebenzii ft RudeGang, Closing my eyes ft Young T 6ixteenz, Bambulala, Angeke balunge ukubala izingoma ezimbalwa kanti umuntu ofisayo ukuzizwa angaxhumana nami ku Whatsapp ngizobe sengiyamuthumelela” kuchaza uTripiiey Triller.
Uthe abantu uyafisa bazi ukuthi kuningi azimisele ukukwenza emculweni ikakhulukazi ukuphakamisa indawo yangakubo ngokuthi enze umsebenzi wakhe ngendlela ezomubhalela igama elihle ebantwini nezomuphumelelisa. Eqhuba inkulumo yakhe ugcizelele ukuthi kunzima ukuba iciko elizimele ngoba yonke into isuke ibheke wena kanti akulula ngisho ukuthi ukwazi ukuxhumana nabantu asebephumelele obukela kubo ukuthi bakusize ngezinto ezithize , ngakho uyafisa ukuthola umuntu ozomulekelela ukuthi axhumane namaciko asedumile emculweni ukuze amulekelela athole nezindawo lapho ezocula khona uma kunemicimbi.
Uma ufisa ukuxhumana noma ukuzwa umsebenzi ka Tripiiey Triller unga-Whatsapp lenombolo: 0640743873 noma kuFacebook/ Twitter/ Instagram ngokusebenzisa igama uTripiiey Triller.