UKhanyisani Mhlongo (32) ozalelwe eMandeni eNdulinde kodwa otholakala Clermont eNdunduma ungene endimeni yezomculo ngonyaka ka2008 ucula umculo weHip-Hop neqembu ayengaphansi kwalo.
UMhlongo odume kakhulu ngelika S’K Killer kwezomculo uthi “Yize kwezomculo kade ngafika kodwa azikho izingoma ezitheni esengike ngazikhipha ngoba angisiye umculi kuphela kulendima kodwa kuningi engikwenzeya, ngiqale ngenza umculo weHip-Hop kodwa kuthe ngonyaka ka2013 ngaqala ngenza umculo weGqom kanti nginane single Track engayikhipha enesihloko esithi LOCKDOWN. Ngifisa abantu bazi ukuthi muningi umsebenzi omuhle engihlezi phezukwawo engicelayo ukuthi abantu bangeseke uma sengiwukhiphile.
“Njengoba ngibuye ngisebenze nozakwethu sihlele imicimbi yokuthi siveze imisebenzi yethu emphakathini ngingakujabulela ukuthi noMasipala wasekhaya uke ulule isandla nawo, uke utshale imali emculweni njengoba kwenziwa nakwezinye izindima, uma uMasipala uxhaso akuhlumuli abaculi kuphela kodwa ngisho imindeni iyohlomula ngoba kuyenza ube ngumculi odinga abantu abazokudansela uma ucula laba okumele ubakhokhele ngesikhathi ubakhokhela bayakwazi ukubeka isinkwa etafuleni okuyinto ebalulekile” kuchaza uS’K Killer.
Uma ufisa ukuzwa ingoma ka S’K Killer ungayi downloada kwi-inthanethi kanti ungashayela eyodwa yalezinombolo ukuxhumana naye: 0727908817/ 0722751972.