THOBILE MBATHA
Kusinda kwehlela kubasebenzi abahola kancane eNingizimu Afrika. Ucwaningo lwakamuva obeluphenya ngokubiza kokudla ludalula ukuthi igilosa yomndeni omkhulu isibiza uR4 966.20.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithe, Ucwaningo olwenziwe yiPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group (PMBEJD) ludalula ukuthi igilosa yomndeni onamalungu ayisikhombisa isuke kuR4 928.34 ngoFebhuwari, yaba uR4 966.20 uma kuphela uMashi.
UMnu. Mervyn Abrahams obhekelele izinhlelo zePMBEJD, uthe abantu abathwele kanzima kakhulu ngenxa yokubiza kokudla ngabesifazane okuyibona abaqhathanisa amasenti uma beyokwenza igilosa. Udalule ukuthi ucwaningo balwenza kwabesifazane abathengela imindeni yabo amagilosa abahlala emalokishini ambalwa okuhlanganisa awaseGauteng, awaseThekwini, Mtubatuba, Khayelitsha, Mgungundlovu, nawaseNorthern Cape. Uthe abasebenzi abahola ngokohlelo lwe-national minimum wage esiwu-R4 473.92 abakwazi ukuthenga konke ukudla okudingwa yimindeni yabo ngoba ngisho kunamalungu amancane akusali imali eningi. “Abasebenzi abahola ngokwe-national minimum wage basebenzisa uR1 584.00 ukugibela amatekisi okuya emsebenzini nokubuyela emakhaya, bakhokhe uR787.50 bethenga ugesi