THOBILE MBATHA
Ziyakhala izinyunyana zothisha kuleli ngokungasheshi kohlelo lokuqinisekisa ukuthi othisha abafundisa uGrade R, bathola zonke izimfanelo njengabanye othisha. Izinyunyana iNatu neSadtu zikhala ngokuthi eminye iminyango yezemfundo ezifundazweni, iyagoloza ukuqasha labo thisha.
UNobhala jikelele weSadtu uMnu. Mugwena Maluleke, uthe zikhona ezinye izifundazwe eseziphucule amaholo alabo thisha. Uthe ezinye ziyagoloza ngisho ukubaqasha njengoba nohlelo lokubakhokhela luncike ezifundazweni.
“Kunezinye izikhulu zomnyango ezifuna ukubaphilisa kanzima othisha bakwaGrade R. Sesibhalele uMqondisi jikelele emnyangweni uMnu. Mathanzima Mweli, sayidlulisela nakuNgqongqoshe walo mnyango uNkk Angie Motshekga, sikhala.”

Uthe labo thisha benza umsebenzi ofanayo nabanye othisha yingakho kumele bathole zonke izimfanelo ezitholwa abanye.UNobhala jikelele weNatu uMnu. Doctor Ngema, ukhale ngokuthi labo thisha abakwazi ngisho ukukhokhelwa uma beye elivini wathi bayalwa ukuze bakhokhelwe ngokufanayo nabanye othisha.
Uthe udaba lwalabo thisha sebelufake nasenkundleni ebhunga ngazo zonke izinto ezithinta ezemfundo i-Education Labour Relations Council (ELRC), ukuze kulinganiswe umholo. Kuphetha uNgema.

