Umndeni wakwaGumbi usakhala ngezingane ezintathu ezamuka nezikhukhula

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Umndeni wakwaGumbi waKwaNgcolosi eThekwini, usalokhu ukhale njalo ngezingane eselokhu zanyamalala ngezikhukhula zango nyaka owedlule. Lomndeni washonelwa yizingane ezintathu ezisencane, uSlindokuhle kanye no-Asanda abaneminyaka engu-14 kube uLubanzi uneminyaka engu-8 okungakaze kutholakale ngisho amathambo abo.

Umndeni uthi ngosuku lwesigameko izingane zontathu zazisendlini nezihlobo ezimbili uMano kanye noMandisa kuguguleka indlu, Umano noMandisa batakulwa emamitheni ambalwa uma usuka lapho kwakusuke khona indlu baphuthunyiswa esibhedlela. Amanye amalunga omndeni asala ebheka maduzane nalapho kutakulwe khona abanye ngethemba lokuthi izingane zizovela kodwa kuze kube inamhlanje azikaze zitholakale.

Ekhuluma nabezindaba uMano Gumbi ongugogo kaLubanzi uthe: “ukuthula anginakho njengoba izingane zingatholakali kwakumele ngizivikele kodwa ngehluleka, hlampe makungatholakala amathambo azo ngingaxola lento isafana nephupho” echaza.

“Kunzima ukuthola ukuphola uma ungakawaboni amathambo abo. Sesikwamukele ukuthi abasekho, kodwa sisenethemba lokuthi okungenani sizowathola amathambo abo bese sibanikeza umngcwabo ofanele.” kubeka uKwanele Gumbi obekhulumela umndeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uRobert Netshiunda, uthe uphenyo lusaqhubeka ngokuduka kwabantu. “Uma nje kusekhona abantu abangaziwa ukuthi bakuphi, amaphoyisa azoqhubeka nokuphenya. Uma kuvela imikhondo emisha nayo isazolandelwa njengoba bekwenziwa,” usho kanje.