UMasipala weTheku wazisa umphakathi ngokuvalwa kweFirwood Library

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UMasipala wazisa umphakathi ukuthi iLibrary Firwood, eku-97 Firwood Road eRedhill, izovalwa okwesikhashana ukuze ilungiswe futhi ilungiswe nengqalasizinda, lomsebenzi kulindeleke ukuthi uphothulwe  ngomhlaka 30 Juni 2023. Umphakathi uyanxuswa ukuthi usebenzise eminye imitapo yolwazi ngesikhathi kusalungiswa. Ama Library eseduze neFirwood ahlanganisa iDurban North Library, KwaMashu Library, Glen Ashley Library, Newlands East Library.

Kungenjalo, umphakathi ungavakashela i-Central Lending Library noma i-Prince Edward Library. UMasipala uyaxolisa nganoma yikuphi ukuphazamiseka okudalile.