UThobani Khathi ucela abehleli bemicimbi bamubize azodlala

UThobani Khathi (25) odabuka eKranskop kodwa otholakala eHarding ngokokuhlala ungene endimeni yezomculo kaMaskandi ngonyaka ka2021 ngeStage name sika S’khiye seVenture wakhipha ingoma eyodwa ayithatha njengengoma ayezazisa ngayo kubantu.

“Uhambo lwami kulomkhakha womculo kaMaskandi alulude kakhulu njengoba ngiqale ngonyaka ka2021 kodwa okungijabulisayo ukuthi sengikwazile ukuqopha izingoma ezine ngaphansi kwegama lami abantu abangazilalela noma kunini uma befisa lapho ngibala khona izingoma ezithi NGISAZONIDUDULA, QHELANI BAFANA, MSHELI WAMI, kanye nethi IZINYEMBEZI ngiyacela abantu bangeseke ngokuthi bawulandele umculo wami” Kuchaza uS’khiye SeVenture.

Eqhuba ingxoxo yakhe uthe ukuba iciko elizimele elizizamela ngisho imicimbi akukho lula ngakho uyafisa ukuthi abahleli bemicimbi bamuqashe azodlala naye  ukuze athole imali azoqhubeka ngayo uma efuna ukuqopha ezinye izingoma akhule njengamanye amaciko asephumelele. Akawushiyanga ngaphandle umphakathi njengoba ecele ukuthi umulandele ngokuthi ulalele umculo wakhe.

Uma ufisa ukuzwa izingoma zikaThobani ungazi download kwi-inthanethi kanti uma ufuna ukuxhumana naye ungashayela kulenombolo ephinde itholakale kuwhatsapp: 0769430051 noma umulandele kuFacebook: Khathi S’khiye.