Wonke umuntu uyakudinga ukukhuthazwa uma enza kahle

Sanibonani sizwe sakithi angibingelele ngalempelasonto, nginibhalela ngaloludaba ngibuhlungu ngendlela esiphathana ngayo siyisizwe esimnyama ,kunokuthi silekelelane siphakamisane thina siyehlulelana futhi siyagxekana, uma kwenzeka omunye enza okuhle emphakathini kunokuthi abongiswe uyagxekwa. Ukumbongisa umuntu nokumncoma kuyamnikeza amandla okuqhubeka ngento ayenzayo nesibindi sokumelana nazo zonke izingqinamba zendlela kodwa ukumahlulela nokumgxeka kumqeda amandla kudale nokudikila uma kuvela ubunzima bendlela. Asifundeni ukulekelelana sazi ukuthi ukunqoba koyedwa yikunqoba kwethu sonke ngoba onqobile uvula indlela kwabasele bazokwazi ukulandela .Wonke umuntu udinga ukunconywa kakhulu kunokwahlulelwa nokugxekwa . Obhalayo Umfundisi Katlego Nare