Kungenzeka ukuthi ukusungula iqembu lezepolitiki enye indlela yokudida imiqondo yabantu

INingizimu Afrika iyizwe elibuswa ngokwentando yeningi kodwa lilodwa iqembu lezepolitiki okuyilo elibusayo nakuba kunamaqembu abalelwa ngaphezu kuka 500 abhalisiwe ngokusemthethweni ngaphansi kwenhlangano ye Independent Electoral Commission (IEC).

Nakuba amaqembu ezepolitiki emaningi kangaka kodwa kusaqhubeka ukusungulwa kwawo njengoba kamuva lowo owake waba intatheli noMhleli wezindaba uMnu Songezo Zibi esanda kusungula elakhe alibiza nge Rize Mzansi.

Phela iningi labasunguli bamaqembu ezepolitiki bavame ukuthi bakwenze lokhu ngenxa yezizathu zokungeneliseki eqenjini abasuke bekulo, kanti abanye babo baphuma eqenjini elibusayo iANC

Lapha singabala abaholi abafana no Julius Malema osungule iEFF, uMnu M. Lekota owasungula iCOPE, uGeneral Bantu Holomisa owasungungula iUDM nabanye.

Kodwa umsuka omkhulu wokusungulwa kwamaqembu amasha abaholi bawo basuke bekhala ngendlela iqembu le ANC eliqhuba ngayo bese bebona igebe lokuthi benze izethembiso ngezinto abasuke bebona ukuthi  iANC iyahluleka kuzo.

Kodwa ke,  kuwo wonke lamaqembu amaningi kangaka asethe ukudonsa iminyaka eminingi ekhona akubonakali mehluko ngoba iqembu lika ANC liyaqhubeka nokuba ilona ubhongoza, nakuba kukhona ukukhala okuningi ngendlela elibusa ngayo kodwa abantu abaningi balokhu beqhubeka nokulivotela.

Kanti okunye okumangaza kakhulu ukuthi emva kokuthi lona iqembu le ANC lingenzanga kahle okhethweni loHulumeni baseKhaya okuyibo ababusa koMasipala laze lalahlekelwa omasipala abaningi, kodwa wona lamaqembu amancane namakhulu aphinde ahlangane anikeze iANC amandla okuphatha kwabanye oMasipala.

Kanti umbuzo umuntu azibuza wona ilona wokuthi ikuphi ngempela okusha okuzokwenziwa iqembu iRise Mzansi, noma nalo lizojoyina loluhide lwamaqembu epolitiki asiza abaholi bawo ukuthi bathole izikhundla ePhalamende, kwiziShayamthetho kanye nakoMasipala.

Ngakho umuntu angasho nje ukuthi ukusungulwa kwamaqembu amasha ezepolitiki amaningi kangaka kungenye nje indlela yokudida imiqondo yabantu ukuze adayise ngamavoti anawo eqenjini elibusayo. Lokhu phela kufakazelwa ilomdlalo abawubiza nge Coalition noma ukubusa ngokubambisana osekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba koMasipala abaningi bakuleli ngenxa yokuzama ukusiza iqembu leANC ukuthi lingaphelelwa amandla elisuke liwaphucwe abavoti.