INTATHELI YE-KZN
Sekuyaqala ukuqokwa kwamaCiko azongenela umncintiswano weKZN Namuhla Artists Awards 2023. Lomncintiswano usungulwe ngonyaka ophelile kanti lelithuba livulelwe abalandeli ukuthi baziqokele bona amaCiko abafisa ukuthi angenele ama-Awards.
Kulonyaka lelithuba lizoqala ukuvulwa ngomhlaka 1Meyi kuze kube umhlaka 30 Juni.
Emva kokwamukelwa kwamagama aphakanyiswe abalandeli bamaCiko. Abaphathi bephephandaba iKZN Namuhla bayobe sebethumela imiyalezo kulabo abaqokiwe ukuba sebengaqala bathumele iminingwane yokuvota kubalandeli babo ukuze baqale babavotele.
Eqhuba uMhleli uthe njengoba iphephandaba liqeda iminyaka engu 24 labakhona inhloso yokusungulwa kwalomcimbi ukuthi njalo ngenyanga kaSepthemba kubanjwe lomcimbi weKZN Namuhla Artist Awards ukuze kunikezwe amaCiko asafufusa ithuba lokuthi nawo avelele aphinde athole ithuba lokwaziwa emphakathini.
Bonke abalandeli abafisa ukuziqokela amaCiko abawathandayo bazosebenzisa uhlelo lokufaka igama leCiko ekhasini lephephandaba kuFacebook noma enombolweni kaWhats’App. Lapho beyobhala khona igama leCiko, iStage Name,inombolo yocingo yeCiko, uhlobo lomculo (genre) noma umsebenzi weCiko okungaba umculo, umhayi wezinkondlo nokunye.
Ukuqokwa kwamaCiko kuzothatha izinyanga ezimbili, emva kwalokho wonke amaCiko aqokiwe ayobe esaziswa ngocingo ukuthi aqokiwe ukuze angenele, lokho okuyosho ukuthi kumele agcwalise amafomu ahambisana nemali engu R50 wokungenela amaAwards bese enikezwa neCode ezosetshenziswa ilabo abayobe sebethumela ama SMS okuvota.
Ephetha uMhleli uthe uthanda ukukhuthaza bonke abalandeli ukuthi baphuthume bathumele imiyalezo yabo ekhasini leFacebook:@KZN CommunityNewspaper noma kuWhat’sApp nambayephephandaba:079 467 9297. Lapho bezophakamisa khona igama leCiko, Stage Name, uhlobo lomculo (genre) kanye nenombolo yocingo yalo iCiko. Umlandeli angalibali ukubhala igama lakhe.
UDABA LUCHAZWA KABANZI EKHASINI 5

