UMalusi Gwala ucela abantu baseke i-EP azoyikhipha ngoJuni

UMalusi Gwala(18) odabuka eNyavini esigodini saseSangqu ungene endimeni yokubhala izinkondlo ngonyaka ka2021 ngeStage name sikaKhalazome kanti akagcini nje ngokuzibhala kuphela kodwa uphinde azihaye.

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uthe: “Anginalo uhambo olude endimeni yokuba usonkondlo kodwa into engayithanda ngisafunda amabanga aphansi emfundo.  Ngiqale ukubhala ngokuphelele ngonyaka ka2021 kanti sengike ngaba ngisho namandla okuqopha enye yezinkondlo zami esihloko esithi I’M SO SORRY NGI FT MAPHARH, abantu abayithanda kakhulu okusha engifisa abantu ukuthi bakwazi ukuthi kuwona lonyaka ngenyanga kaJuni ngizokhipha i-EP engikholwayo ukuthi  bazoyijabulela ngendlela engisebenze ngokuzikhandla kuyona” kuchaza uKhalazome.

Eqhuba uthe uyacela abantu bameseke ngokuthi bazilalele izinkondlo zakhe ukuze zisabalale njengoba enesifiso sokuthi axhaswe amanye amaciko asemkhakheni ofanayo kodwa asephumelele afana nabo oKwazi Nsele okuyibona abantu asika kubona iphethini.

Uma ufisa ukuzwa umsebenzi kaMalusi ungaxhumana naye ngokushayela kulenombolo: 0633510104 noma umlandele enkundleni yokuxhumana kaFacebook: Malusi owu Khalazome.