USibongiseni Dunge (32) odabuka eShowe eNkiliji kodwa othalakala eMlazi esigcemeni sakwaV ngokokuhlala ungene endimeni yezomculo kaMaskandi ngonyaka ka2019 ngeStage name sika-UMshini waseShowe.
Ezikhulumela ngowakhe nephephandaba uMshini waseShowe uthe endimeni yezomculo kaMaskandi usebe namandla okuqopha ama-EP amathathu(3) yize kungelula ukuba iciko elizenzela yonke into kodwa kuyazameka, kula ma-EP kubalwa enesihloko esithi UMACASHELANA, ISINQUMO kanye nesithi AMAKETANGA.
“Kulomkhakha sengihlabane ngezindondo eziwu-7 emincintiswaneni eyehlukene kanti ngisho ezika nombolo-1 izindondo nazo zikhona kulezi enginazo ngaphansi kwama catergories ehlukene. Manje ngifisa ukuqashwa emicimbini emikhulu ikakhulukazi imicimbi ehlelwe uMasipala wangakithi uMlalazi nokuthola uxhaso oluzongisiza ukuthi ngiye noma ikuphi lapho ngisuke ngimenywe khona ukuba ngizodlala lungasho lukhulu kumina” kuchaza UMshini waseShowe.
Uma ufisa ukuzwa umculo kaSibongiseni ungawubheka kuzo zonke izitolo ezidayisa umculo kwi-inthanethi kanti uma ufisa ukuxhumana naye mayelana nokuthize noma uthanda ukumqasha ungashayela kule nombolo: 0832390430 etholakalayo naku whatsapp.