UZodwa Wabantu ongumdansi osephenduke isangoma uthole ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yesenzo sakhe sokuhlinza akhiphe inkawu esiswini senyoka ebisifile. Okubonakale kwi video abhale khona ukuthi “Angithengi kodwa ngiyazingela ngokwami”.
Noma lesihlabani somdansi kungavelanga ukuthi siyithole kuphi lenyoka kodwa kubonakale ibanjiswe owesilisa othile ngesikhathi sihlinza isisu senyoka nayo ebivele isifile.
Bephawula abantu bazwakalise imibono eyahlukene ekhombisa ukumgxeka uZodwa bethi ukhombisa ulunya ezilwaneni, futhi besingekho isidingo sokubulala inyoka yohlobo lwePythons nokwenza ngoba ziyingcosana futhi ayinabo ubungozi.