SHEILA MHLONGO
UNokubonga Mnyango waseMpangeni owavula ibhizinisi lokuqoqa udoti aphinde awudayise usekwaze ukuvula amathuba omsebenzi kubantu ababalelwa ku 22. Lentokazi iqale lelibhizinisi ngonyaka ka 2014 emva kokuba kade isebenza njengomshayeliwezimoto, kwenye yamafemu.
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/05/Nokubonga-Mnyango-sucess-story-2-1024x768.jpeg)
UNokubonga uthi ngesikhathi esula emsebenzini iningi labantu lalimhleka licabanga ukuthi angeke aphumelele ebhizinisini lakhe. Kumanje lentokazi isinamagatsha amabili aziwa ngokuthi iBuy Back Center, lapho abantu beletha khona udoti bese ewuthenga ukuze awuthumele enkampanini iPETCO.
Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithi uMnyango wenza umsebenzi omuhle kakhulu ngoba akagcini nje ngokusiza ngokugcina imvelo ihlanzekile kodwa uphinde athenge udoti kubantu ababalelwa ku 100 abavela eNgwelezane Kanti igama lebhizinisi Uthando Trading Solutions