INASGB ibambe umkhuleko eMandlakayise Primary School

Inhlangano i-National Association of School Governing Bodies(NASGB) ngokubambisana  ne-Inanda Interfaith kanye nezinye izinhlangano zomphakathi, ihambele isikole iMandlakayise Primary School eNanda ngenhloso yokuqhuba uhlelo lwe Back to school kanye nokukhulekela othisha kanye nabantwana besikole ngomhlaka  04 Meyi.

Ukuhambela kwe NASGB kulesikole kuza ngemuva kokuthi abantwana  behlaselwe yisimo esingaqondakali lapho kuthiwa babehayiza kusukela unyaka uqala kwaze kwaba isikhathi sezivivinyo zokuqala zonyaka.

Lomkhuleko uqhubekile nakwezinye izikole zaseNanda okubalwa nesas’Ohlange High School, Kanti phakathi kwabebehambele lomkhuleko kubalwa uShlalo Mnuz. Zuma, Mayor’s Office

National Association of School Governing Bodies

Gugu Dlamini Foundation, Zazi Brothers for Life

Safer Cities, Community Safety & Liaison Office

Nabe SAPS