UHlomuka ube ngomunye woNgqongqoshe abahambele izikole ehlola ukuphakelwa kokudla

Ngemuva kokubheduka kwezinkinga ezimayelana nokuphakelwa kokudla ezikoleni okudalwe imibiko kanye nezinsolo zokwehluleka kwenkampani eyathola ithenda yokwenza lomsebenzi. Uhulumeni waKwaZulu-Natali oholwa uNdunankulu uNomusa Dube-Ncube ube usuthatha izinyathelo zokuthi usukume uthathe izinyathelo zokulungisa isimo. Okube ukuthi kubuyelwe ekusebenziseni uhlelo oludala lokuthi lomsebenzi ube ngaphansi koMnyango wezeMfundo.

UNgqongqoshe wezokuThutha, kanye nezokuPhepha koMphakathi uMnu Sipho Hlomuka uhambele isifunda iHarry Gwala lapho ehlangane khona nezikhulu zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natali ngenhloso yokubheka ukuthi ingabe kungakanani ukuphazamiseka kokuphakelwa kokudla ezikoleni ezibalelwa ku 419.

Phakathi kwezikole azihambela uHlomuka kubalwa iPholela High School, Dlangani Secondary School, Enkelabantwana Primary School, Ntabamakhamba Primary School  kanye nesase Enkumba Primary School, lapho afika wahlola indawo okugcinwa kuyo ukudla kanye nalapho kuphekelwa khona. UHlomuka wayalela ukuthi kumele kubhekwe bonke abaphakela ukudla ezikoleni ukuthi ingabe banawo yini amandla okwenza lomsebenzi.