THAMI SHESHANE
Abaziqamundayo bathi u Minnie Dlamini imkhalela kahle ingoma yeZinkabi Zezwe- Bath’ uthengelwe umacekeceke ka Mbayimbayi, kumanje udubula izintaba ezimsithe u Yanga Chef, ongusomabhizinisi aphinde abe ngumrepha. Lesingqazu sentokazi sithi bangabangane nalomrepha, kodwa oQamundile bathi “Ayikaze yanuka ingosiwanga”.
Omunye uthe indlela abasondelene ngayo ungafunga ukuthi bahlanganiswe ngebhawodi, abanye bathi injabulo ka Minnie ayihlukumezi muntu, pho kunani uma ejabulile?
UMaDlamini uthi u Yanga ngumngane wakhe wakudala kusukela besasemazingeni emfundo ephansi – kanti ke yena nomngane wakhe kuthiwa kade bebukelana eduze kade beyobuka umbukisobhanyabhanya obhanyaza ngayo lentokazi yakwa Dlamini.
“Angijoli namuntu mina. Ngisajabulela ukuphila ngingedwa kanye nokunakwa.” kuphetha uMinnie Dlamini ongenankinga nokuphendula abezindaba. U Yanga kuthiwa usephenduke isithuli eyakhe ilokhu ikhalile nje, elokhu eyijeqeza bese e WhatsAppa u Minnie: “WUD Gojasi.”
Nokho ke isikhathi sesiyoba ngumehluleli kodwa loludaba silubhekile ngosizo lo Qamundile.