UBalungile Shezi (29) odabuka endaweni yase Eastern Cape eFlagstaff istage name sakhe uBalungile kaNjemboqo.uyindodakazi yomculi kaMaskandi, uthi uqale loluhlobo lomculo kaMaskandi esemncane ecula noyise ongasekho ubaba uNjemboqo, ngonyaka ka 2022 kanti futhi usekhiphe iaAlbum yakhe enezingoma ezilishumi (10).
Ekhuluma nephephandaba iKZN Namuhla uBalungile uthi kuyimanje usalinde imiphumela yama MTCMA Awards, lapho esebenze khona kahle kakhulu ngamavoti awatholile kubalandeli bakhe.
Lentokazi ithi iphezu kwezinhlelo zokwenza iMusic Video yayo kodwa inkinga ushoda ngezinto zokusebenza, yathi iyafisa ukuthola uxhaso ukuze ibe impumelelo.
Kwabafisa ukuxhumana naye uyatholakala kulenombolo: 0736996041, kanye nakwizinkundla zokuxhumana: @ Balungile kaNjemboqo. Umculo wakhe ukhona online Balungile ka Njemboqo kuwo wonke ama Social Media platforms, kanti nomculo uyatholakala kwi Digital platforms.
UBalungile Shezi ufisa ukuxhaswa ngezinto zokwenza iMusic Video yakhe ukuze iphumelele
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/05/UBALUNGILE-SHEZI-PIC.jpg)