Sonke sinendima okumele siyidlale ukuze songe amanzi. Umthamo omkhulu wamanzi asetshenziselwa emakhaya, emafemini, kwezolimo kanye nakwezinye izidingo, wenzeka kakhulu ngesikhathi sasehlobo.
Njengamanje isikhathi sasehlobo sesedlulile ngakho angeke sisakwazi ukuthola umthamo owanele izidingo zethu zonke, lokho okusho ukuthi sekumele sizame ngawo wonke amandla ukonga amanzi singawaxhaphazi. Futhi singathathi ngokuthi izwe linamanzi anele ngoba lokho akusilo iqiniso.
Njengoba sisesikhathini sasebusika asisenawo amanzi anele, ngakho kuyaphoqa ukuthi siwonge amanzi njengesiko ukuze singazitholi siphelelwa amanzi ikakhulukazi ezikhathini zesomiso ezenzeka ebusika.
OMasipala kumele benze konke okusemandleni ukuthi balungise amapayipi avuzayo ngoba ayinkinga enkulu edala ukulahleka kwamanzi ezweni lonke futhi iwona aba nomthelela ongemuhle ekushodeni kwamanzi.
OMasipala kumele banikeze izakhamizi zakuleli inombolo yamahhala yokubika zonke izinkinga zokuvuza kwamapayipi kanye nalawo aqhumile bese beba nabantu abazohlale bebhekele ukulungisa zikhathi zonke.
Kanti uma umphakathi ungatholi usizo koMasipala ungakwazi ukudlulisela umbiko eMnyangweni wezaManzi kanye nezokuThuthwa Kwendle (DSW) kuzwelonke kulenombolo yamahhala: 0800 200 200
Kuloba: uMarcus Monyakeni – Communication specialist – Water &Sanitation
Yahunyushwa iphephandaba iKZN Namuhla
Ukonga amanzi kungumsebenzi wabantu bonke
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/05/MARCUS-DSW-scaled.jpg)