Asizifundise ukubonga usizo esiluthola kwabanye abantu

Ngiyabingelela sizwe sakithi! Nginibhalele ngokunixwayisa nokunifundisa ukuthi kuhle ukumbonga umuntu uma ekusizile ngoba naye kusuke kunalapho edinga khona usizo okungenzeka ube nalo nawe usizo lwakhe. Kunomkhuba esibanawo singabantu wokungabongi usizo lwabanye abantu abasipha lona lokho bese kudala ukuthi zinganakeki izinkinga zabo ngoba umuntu onethuba lokuzibona izinkinga zomunye yiloyo okwazi ukusizana naye. Kuba yinkinga uma umuntu esizwe ngomunye aqede angakwazi nokubonga, lokho kudala ukuthi uma kuphinde kwenzeka edinga usizo angasalutholi. Loyomuntu okusizile naye uyaludinga usizo lwakho kodwa awusoze walubona uma ungabuyelanga kuye wayobonga. Akakusizi umuntu engenalo ithemba lokuthi naye uyosizakala kuwe. Asifundeni ukubonga usizo lwabantu abasipha lona noma lungaba luncane kuhle ukubonga.

Obhalayo umfundisi Katlego Nare