UKHALE NGOKUSHESHA KWABADLALI ABANCANE EKHISHWA KOWE WOMAN’S SINGLES

THAMI SHESHANE

Iqale ngegiya eliphezulu i Table Tennis World Championship Finals 2023 e Durban ICC, EThekwini kulempelasanto. 

Omunye wabadlali asebemnkantshubomvu kweze Table Tennis E Afrika u Olufunke Oshonaike (49) wase Nigeria uncome kakhulu u Charlotte Lutz okwaze ukukhipha lentokazi ezinze e Germany kulomqhudelwano ngo 4 – 0 ngemuva kokuthi ehlelwe kuwo wonke ama serve ku Table 8 ngoMgqibelo.

“Ngicabanga ukuthi ukukangeneli owama Olympics edlule kube nesandla ekuhlulweni kwami. Bengidlala nomdlali osheshayo osemncane.” Kusho lomdlali oqale watshena intatheli ye KZN Namuhla ukuthi akakwazi ukukhuluma ngendlela ashaywe ngayo nokuthe uma iqeda ukuxoxa nomunye wabaqeqeshi yashaya ibuya yathi isingakhuluma nethimba lethu lezindaba.

“Sengiphumile manje, kodwa ngiseThekwini, ngifunde kakhulu nge Theku, Namuhla ngilapha, njengoba sengiphumile kuma Woman’s Singles nje, sengizohlala ngizibukele ubuhle beTheku.” Kuphetha lentokazi ihleka.

Okuqaphelekile ngalo ngalomdlali unamancoko kakhulu kanti uke wancokola nge loadshedding wathi iyamethusa kodwa akasabi ngoba useHhotela futhi yena wakhulelwaeNigeria, akabesabi ubumnyama.

Imidlalo ye WTTF iyaqhubeka e ICC kuyoze kushaye umhlaka 28.