THAMI SHESHANE
U Percy Tau ube yiqhawe eGibhithe eqobela amanqaku amabili ezakhe i Al Ahly zibhokoda i Esperance De Tunis ngamanqaku amathathu eqandeni ngoLwesihlanu olwedlule. Igoli leZikaFaro lesithathu livalelwe ngu Karhaba. Lomphumela we Al Ahly usho ukuthi I Esperance idinga amanqaku amane bese i Al Ahly ingashayi nelilodwa ukuze idlulele kowamanqamu kodwa lokhu kufana nephephandaba yize noma ibhola ligingqika kodwa i Afrika yonkana iyazi ukuthi i Al Ahly uma isisesigabeni sokugcina salomqhudelwano ikhipha amangwevu.
UPercy Tau usebe yingxenye yamagoli angu 16 kwi CAF Championship, uqobele ayisikhombisa enethini waphinde wakha ayisishiyagalombili. Kubhekwe ngamehlo abomvu i Mamelodi Sundowns eyizimbangi zaleliqembu lase Gibhithe, esanda kubabhabhadisa ngamanqaku amahlanu kwamabili, kanti i Mamelodi Sundowns ibingaqali ukunika lezizinsizwa zika Faro impama.
Nokho ke i Sundowns nayo esazodlala, yalithola ithuba lokukhipha lokukhipha i Al Ahly kulomqhudelwano, nokungenza ukuthi uma zihlangana kowamanqamu singalindela ukuqhwiza kukamentshisi okuhambisana namagqubu enduku yeminyaka. Kungabe uma zifika kowamanqamu i Al Ahly ingayiphendukela i Mamelodi Sundowns noma ezika Motsepe zizophinda zizitike ngezinyembezi zabaseGibhithe?
.
UPercy Tau ube yiqhawe ezakhe zifaka unyawo kowamanqamu

