UHlomuka ube ngomunye woNgqongqoshe abahambele izikole ehlola ukuphakelwa kokudla

Ngemuva kokubheduka kwezinkinga ezimayelana nokuphakelwa kokudla ezikoleni okudalwe imibiko kanye nezinsolo zokwehluleka kwenkampani eyathola ithenda yokwenza lomsebenzi. Uhulumeni waKwaZulu-Natali oholwa uNdunankulu uNomusa Dube-Ncube ube usuthatha izinyathelo zokuthi usukume uthathe izinyathelo zokulungisa isimo. Okube ukuthi kubuyelwe ekusebenziseni uhlelo oludala lokuthi lomsebenzi ube ngaphansi koMnyango wezeMfundo.

Continue reading

Asithandaneni ngokweqiniso singabantu

Ngiyabingelela sizwe sakithi, nalo udaba lomkhuba ozwisa ubuhlungu ushaqise imizimba esesawujwayela, umkhuba wokuhlukumezana ngokothando. Waze wamubi lomkhuba engabe sawuthathaphi wesizwe esimnyama ? Uthando aluhlukumezi futhi alukhalisi kanti aluchithi negazi , engabe lolu esinalo namhlanje saluthathaphi ? Kulula nje kowesilisa ukubulala owesifazane oke wathi uyamthanda wamthembisa izulu nomhlaba bese ngephutha elincane usuyambulala ngesihluku abanye baze bashiswe abanye bacwiywe amalunga emizimba alahlwe ehlathini.

Continue reading