Kusungulwe isikole sokucija amaciko mahhala

THOBILE MBAATHA

Kuzoba lula ukuthola ulwazi kwezobuCiko emacikweni asemasha akuleli, kulandela ukusungulwa kwesikole sezobuCiko okwenziwe yinhlangano engenzi nzuzo, iMzansi Arts Development Ensemble, esigunyazwe ngokusemthethweni yiCulture, Arts, Tourism, Hospitality and Sport Sector Education and Training Authority (CATHSSETA).

Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla Umsunguli wale nhlangano eqambe lesi sikole esiseThekwini ngegama layo, uNksz Lerato Molemong, uthe bekumkhathaza ukubona amanye amaciko egcina esala endleleni ngenxa yokuswela ulwazi lwezobuciko. “Yingakho ngisungule lesi sikole esiqale ukusebenza ngenyanga edlule ukusiza abantu abasha, abathanda ezobuciko ngokubacija emakhonweni abo ehlukene ukuze kwande amathuba endimeni yezobuciko” kusho uNksz Molemong.

Uveze ukuthi okwamanje basafundisa izitshudeni zabo eziwu-38 izifundo zomculo nomdanso mahhala, ngokulekelelwa yiNational Lotteries Commission okuyibona baxhasi babo ababhekelele izindleko zokufunda kwezitshudeni.