Umculi ongowokuzalwa esigodini sase Mandawe Kwa Cele u Sanele “Geeman “ Ngcobo (35) ungene endimeni yezomculo ngo 2017 kanti useke wakhipha albhamu enengoma eshisa izikhotha ethi “stofu samalahle”.
Ekhuluma nephephandaba I KZN Namuhla uGeeman uthi uthando lomculo lwamufikela esamncane yize kubeneskhathi lawufike wanezinkinga ekuthuthukiseni umculo ngenxa yomvalelandlini kodwa yena ubematasa ngalesosikhathi eqhuba umsebenzi omusha osuphumile afisayo ukuthi axhaswe kakhulu kuwona.Ezinye zezingoma agabe mgazo ilena esihloko esithi “Ngeke” kuzingoma zakhe afisa ukuthi zizwakale zonke izindawo nasemsakazweni emkhulu.
Okunye ngaye uGeeman ungumsebenzi wezempilo kwisibhedlela Addington ngokugcwele aphinde abe ngumdidiyeli womculo osebenza namaciko ahlukahlukene okubalwa kubo oDa Healer,Lindani Gumede kanye noLucky Majola.
Ukukhuthaze kakhulu ukuthi uma uyiciko kumele uzithobe uhlezi ubeka nethemba kumdali.Umculo wakhe uyatholakala kwi internet uphinde utholakale ngokuxhumana naye kwizinkundla zokuxhumana : Sanele Geeman Owomphakathi ku Facebook naku Instagram,ku whatsapp 0718390822.