Umqeqeshi weBafana Bafana ukhuthaze abadlali abaphelelwa yizinkontileka

UMQEQESHI weBafana Bafana Cosafa Cup uMorena Ramoreboli ukhuthaze abadlali abaphelelwe
yizinkontileka abafana noLesedi Kapinga noLyle Lakay ukuthi basebenzise isikhathi sabo eqenjini
lesizwe ukuheha abaqashi abasha.
UKapinga, odedelwe yiMamelodi Sundowns, kanye noLakay ekungacaci ngekusasa lakhe kuSundowns,
bayingxenye yeqembu lesizwe elakhiwe ngabadlali abancane. URamoreboli uthembele kumava kubadlali
abafana noLakay, Kapinga, Thabo Cele, Katlego Mohamme no Thembela Sikhakhane ukuthi banqobe
iCosafa Cup okwesibili njengoba beyinqobe ngo-2021.
“Uma ukhuluma ngoKapinga, ISundowns yamthenga nayo ngenxa yokudlala kwakhe ngesikhathi esaku
Leopards,” kusho uRamoreboli