Ishiye abantu abaningi behlabeke umxhwele intombazanyana esencane okusabalale isithombe sayo iphethe isinkwa sakwa Albany ezinkundleni zokuxhumana. U Lethukuthula Mjaji (3) unoncumo lwakhe abonakala enqoba ngalo izinhliziyo zabantu abaningi.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana sebenxenxe ngisho inkampani yezinkwa ukuthi isebenzise lentombazanyana ezikhangisweni zayo.
U Lethukuthula uthwetshulwe ngumalume wakhe u Lungisani Mjaji (26) wakwa Nongidi e Harding ongumthwebuli wezithombe zokuhweba .
“Kungigcwalisela injabulo enkulu ukubona umthelela omuhle umsebenzi wami obenawo kanye nokuqashelwa okuwutholile” Kusho u Lungisani.
“Ngiyabonga ngothando oluvela eNingizimu Afrika nangethuba lokwenza umehluko ngokuthwebula kwami izithombe,” kusho yena.
Kuthiwa abaphathi bakwa Albany sebeke baxhumana naye kodwa kusalindwe izikhulu zalenkampani enkulu yezinkwa eNingizimu Afrika.
U Lethukuthula Mjaji (3) osezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana