February 20, 2026
USomlomo woMkhandlu weTheku uKhansela Thabani Nyawose ubevakashele umphakathi wase Cato Crest e Ward 101 owakhahlamezeka ngenxa yemvula enamandla
USomlomo woMkhandlu weTheku uKhansela Thabani Nyawose ubevakashele umphakathi wase Cato Crest e Ward 101 owakhahlamezeka ngenxa yemvula enamandla ngeSonto eledlule. Wedlulise izingubo zokulala kanye nokudla emndenini eyadilikelwa izindlu zabo.
OwezaManzi uyaqhubeka nohlelo lokuhlanganisa iBhodi yoMngeni neye Mhlathuze Water
UNGQONGQOSHE wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uMnuz Senzo Mchunu, uthe uMnyango uyaqhubeka nohlelo lokuhlanganisa iBhodi lase Mngeni Water kanye noMhlathuze Water ukuze kusheshiswe ukuhlinzekwa kwamanzi ngobuningi KwaZulu-Natal.
IMeya itshele intsha yamabandla ehlukene ngohlelo lwemifundaze loMkhandlu weTheku
IMeya ukhansela uMxolisi Kaunda utshele intsha yamabandla ehlukene mayelana nohlelo lwemifundaze (Bursaries) olukhona ngaphansi kukaMasipala weTheku. Lokhu iMeya ikusho ngesikhathi kade ihlangene nabamabandla ehlukene okuyi African Congregational Church yase Cliffdale kanye ne Abantu Congregational Church yase Newlands East, ngeSonto lomhlaka 2 July.
Ihlabe abaningi umxhwele intombazanyana yesinkwa sakwa Albany
Ishiye abantu abaningi behlabeke umxhwele intombazanyana esencane okusabalale isithombe sayo iphethe isinkwa sakwa Albany ezinkundleni zokuxhumana. U Lethukuthula Mjaji (3) unoncumo lwakhe abonakala enqoba ngalo izinhliziyo zabantu abaningi.
Masibazwele abantu besilisa ngoba nabo bangabantu
Ngiyabingelela sizwe sakithi, enyangeni yoboba noma yamadoda nginibhalele ngesixwayiso salomkhuba odumile owenziwa ngabantu besimame kakhulu kubesilisa. Akekho owenziwa ngensimbi noma ngetshe kodwa wonke umuntu wadalwa ngenyama futhi unayo imizwa uyabuzwa ubuhlungu
U-Eskom uyaqhubeka nokwenza ngcono isimo samandla kagesi
U-Eskom uyaqhubeka nokwenza ngcono isimo sokuphehlwa kwamandla kagesi njengoba kubukeka kwehla nesimo sokucishwa sakonga (load shedding).Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe kaGesi uDktl. Kgosientsho Ramokgopa esithangamini sabezindaba ebesingeSonto lomhlaka 9 Julayi, lapho ebechaza khona mayelana nokusebenza kwe Energy Action Plan.
UNdunankulu wethule umbiko mayelana nokwenziwa ngcono kwesimo somnotho KwaZulu Natali
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube-Ncube wethule umbiko omayelana nokwenziwa ngcono kwesimo somnotho KwaZulu Natali, esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe emahhovisi kahulumeni eMayville, ngoLwesine lomhlaka 13 Julayi.Lapha ubehambisana khona noNgqongqoshe beminyango ehlukene KwaZulu-Natali, okubalwa owezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nokongiwa kwemVelo, uMnu. Sboniso Duma,owezeMfundo uNkk Mbali Frazer kanye nowezokuHlaliswa kwaBantu kanye neMisebenzi kaHulumeni uMnu KK Nkosi.

