IMeya ukhansela uMxolisi Kaunda utshele intsha yamabandla ehlukene mayelana nohlelo lwemifundaze (Bursaries) olukhona ngaphansi kukaMasipala weTheku. Lokhu iMeya ikusho ngesikhathi kade ihlangene nabamabandla ehlukene okuyi African Congregational Church yase Cliffdale kanye ne Abantu Congregational Church yase Newlands East, ngeSonto lomhlaka 2 July.
Ichaza iMeya uKaunda ithe uMkhandlu unikeza intsha amathuba okuqeqeshwa ngokwamakhono kanye nawemisebenzi ngaphakathi kuwona. Kanti iphinde inikezele ngemifundaze kubafundi .
Ukucija intsha ngamakhono abalulekile uMkhandlu uzophinde uvule amathuba ohlelo lokuqeqeshwa kweze Information Technology (IT) nokulapho kulindeleke ukuthi kuhlomule intsha ebalelwa ku 1000.