Masibazwele abantu besilisa ngoba nabo bangabantu

Ngiyabingelela sizwe sakithi, enyangeni yoboba noma yamadoda nginibhalele ngesixwayiso salomkhuba odumile owenziwa ngabantu besimame kakhulu kubesilisa. Akekho owenziwa ngensimbi noma ngetshe kodwa wonke umuntu wadalwa ngenyama futhi unayo imizwa uyabuzwa ubuhlungu.

Abantu besilisa bathatheka njengabantu abangabuzwa ubuhlungu esikhathini esiningi. Uma kukhala indoda akekho onendaba, uma kuhlukunyezwa indoda akekho onendaba. Kwasemthethweni uma indoda ivula icala lokuhlunyezwa ngowesimame ayithathelwa phezulu, futhi udaba lwakhona lushaywa indiva ezikhathi eziningi.

Abanye bagcina bephenduka izilwane sebebulala ngoba akaze banakwa ngesikhathi behlukunyezwa kanti abanye bagcina bethatha izimpilo zabo bazibulale ngenxa yezinhlungu abazivalele ngaphakathi. Abanye baziphonse ezidakamizweni nasematshwaleni kuvele konakale ikusasa lezimpilo zabo nelezingane zabo ngenxa yezinhlungu. Masibazweleni abantu besilisa  sikuqonde ukuthi bangabantu bayabuzwa ubuhlungu nabo .