UNGQONGQOSHE wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uMnuz Senzo Mchunu, uthe uMnyango uyaqhubeka nohlelo lokuhlanganisa iBhodi lase Mngeni Water kanye noMhlathuze Water ukuze kusheshiswe ukuhlinzekwa kwamanzi ngobuningi KwaZulu-Natal.
NgoLwesibili uMchunu umemezele ukuthi uMhlathuze Water uzohlakazwa mhla zingama-30 kuJuni, wezi-2023 futhi uzohlanganiswa noMngeni Water.
Uthe bonke abasebenzi baseMhlathuze Water, okuhlanganisa nezimpahla nezikweletu, bazodluliselwa eMngeni mhla lu-1 kuJuayi wezi-2023, ngokweSigaba 46 soMthetho Wezinkonzo Zamanzi, 1997 (uMthetho No. 108 ka-1997).
Lokhu kuzobe sekuholela enkampanini eyodwa yamanzi, uMngeni – uThukela Water Board.
UMchunu uthi sekushicilelwe isikhangiso, ngenhloso yokuthola amagama abantu abazoqokelwa ukuba yilungu leBhodi Yezamanzi eMngeni – oThukela iminyaka emine.
Ubalule ukuthi amalungu ebhodi azojutshwa ukuthi enze umsebenzi wokwengamela njengamalungu angeyona ingxenye yesigungu esiphezulu eMngeni – uThukela Water Board
Bazophinde basekele abaphathi abaphezulu ukuthi balethe izinsiza ezengeziwe kanye nokuzethemba kwebhizinisi ekwenzeni izindima zabo kanye nezibopho zabo ezilingana nenkampani ehamba phambili yokuhlinzeka ngamanzi ngobuningi eNingizimu Afrika.
“Izinto esizilindele ziphezulu kakhulu. Sibheka abantu abazofuna ukufaka isandla ngolwazi nobuchule babo kulo mkhakha, hhayi nje ukufuna ukuthuthukisa amaphakethe abo.
“Ngeke nginanaze ukuvalela ngaphandle noma ngubani ongazimisele ngokusebenzela ukuthuthukisa ukuhlinzekwa kwamanzi esifundazweni, ekugcineni, ezweni lonke,” kusho uMchunu.
UMhlathuze Water wasungulwa ngo-1980 futhi usebenza kakhulu kuMasipala wesiFunda uMkhanyakude, King Cetshwayo kanye naseZululand.
Lokhu kulungiswa kabusha kuza phakathi kwezinhlelo zoMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle zokuba nesikhungo esisodwa samanzi esisebenza esifundazweni ngasinye.
UMchunu ufisele ibhodi lesikhashana laseMhlathuze eliphumayo inhlanhla futhi ukubheke ngabomvu ukusebenzisana namalungu amasha aqokiwe azoqokwa.
Iziphakamiso zomphakathi kanye/noma izicelo zamalungu azoqokelwa ukusebenza ebhodini lamanzi laseMngeni-uThukela zingathunyelwa ngekhompyutha ku-boardnominations2023@umgeni.co.za noma zilethwe ngesandla ku-310 Burgers Street,