U-Eskom uyaqhubeka nokwenza ngcono isimo samandla kagesi 

U-Eskom uyaqhubeka nokwenza ngcono isimo sokuphehlwa kwamandla kagesi njengoba kubukeka kwehla nesimo sokucishwa sakonga (load shedding).Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe kaGesi uDktl. Kgosientsho Ramokgopa esithangamini sabezindaba  ebesingeSonto lomhlaka 9 Julayi, lapho ebechaza khona mayelana nokusebenza kwe Energy Action Plan. 

Kulesithangami sabezindaba uNgqongqoshe uthe usukhona umehluko obonakalayo kusukela phakathi kukamhlaka 3-7 kuJulayi ngoba uEskom ukwaze ukugcina ukwanda kwesiphehli mandla sikagesi ngokungaphezu kwamaphesenti angu 60%. Nokwenze kwathi ukuncipha ukucima kukagesi.

UNgqongqoshe uphinde wagcizelela ukuthi njengoba kungene ubusika kunohlelo lokuthi kuncishiswe ukukhandwa kwezizinda eziphehla ugesi ukuze kube namandla enele kagesi. Kanti uthembise nokuthi kothi kushaya unyaka ka 2028 kube  sekungezelwe  ama Transformers abalelwa ku 25 azosiza ukwengeza u 12,000 megawatts kusiphehlimandla – SAnews.gov.za