UNdunankulu wethule umbiko mayelana nokwenziwa ngcono kwesimo somnotho KwaZulu Natali

SHEILA MHLONGO

UNdunankulu  waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube-Ncube wethule umbiko omayelana nokwenziwa ngcono kwesimo somnotho KwaZulu Natali, esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe emahhovisi kahulumeni eMayville, ngoLwesine lomhlaka 13 Julayi.Lapha ubehambisana khona noNgqongqoshe beminyango ehlukene KwaZulu-Natali, okubalwa owezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nokongiwa kwemVelo, uMnu. Sboniso Duma,owezeMfundo uNkk Mbali Frazer kanye nowezokuHlaliswa kwaBantu kanye neMisebenzi kaHulumeni uMnu KK Nkosi.

Ethula umbiko wakhe uDube Ncube uthe ube ngenxa yomhlangano ababe nawo beyisigungu esiphezulu kuhulumeni  lapho bedingide kabanzi ngodaba lokwenziwa ngcono kwesimo somnotho emva kwezigameko ezinzima ezehlela lesifundazwe eminyakeni emithathu edlule okubalwa phakathi kwazo, isigameko sokuluthwa kucekelwa phansi amabhizinisi ngoJulayi ka 2021,kanye nolwezimvula ezinamadla ezahlasela zacekela phansi amabhizinisi amaningi kanye nengqalasizinda okubalwa nezindlu zabantu.

Eqhuba uNdunankulu ubike ukuthi uhulumeni wesifundazwe useqalile izinhlelo zokulungiswa nokuvuselelwa kabusha kwengqalasizinda okubalwa imigwaqo nama bhuloho kanye nokwakhiwa kwezindlu ukuze kuvuselelwe isimo somnotho.

Mayelana nokuvuselelwa kabusha komnotho uDube-Ncube uthe sekwenziwe ngempumelelo izinhlelo zokusiza osomabhizinisi abancane nabakhulu ngezimali zokubuyisela isimo emabhizinisini abo emva kokucekelwa phansi nokuluthwa ngoJulayi 2021.

Ngaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye Nokongiwa kweMvelo, Ithala Development Finance Corporation likwazile ukusiza osomabhizinisi ababa yizisulu zokucekelwa phansi kwamabhizinisi abo. 

Mayelna nokuvuselelwa kabusha kwengqalasizinda, uhulumeni wesifundazwe uyaqhubeka nohlelo lokulungiswa kwemigwaqo eyacekeleka phansi ngesikhathi sezimvula ezinamandla ezashiya umonakalo owadla imali engu R5.7 billion. Kanti uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali usebenzisana kahle kakhulu ne South African National Roads SoE Limited (SANRAL) ukubuyisela isimo sokuhamba emgaqweni sibe ngcono.

UDube-Ncube uveze ukuthi sekunezingqalasizinda eseziya ngasekupheleni okubalwa uR74  KwaMaphumulo, ibhuloho eliku N2 uMhlali River N2 eMgababa kanye nebhuloho eliku M4 eTongaat River. Kanti abalelwa ku 730 amaProject abekwa eqhulwini ukuthi asetshenzwe kanti amanye asephothulwe ngempumelelo.

Mayelana nodaba lokuqiniswa kwezokuphepha uMnyango wezokuThutha,Ezokuphepha kanye nokuXhunyaniswa koMphakathi oholwa uNgqongqoshe uSipho Hlomuka wenza konke okusemandleni ukuqeda udlame lokushiswa kwamaloli.

UNgqongqoshe wezemiSebenzi kaHulumeni kanye nokuHlaliswa kwaBantu uMnu KK Nkosi uphezu kwezinhlelo zokuvula amaProject abevinjiwe ukuthi angaqhubeki nokwakhiwa 

Ephetha uNdunankulu uthe nohlelo lokuphakelwa kwezingane zesikole luqhubeka kahle kakhulu ngaphansi koMnyango wezeMfundo.Kanti nesifundazwe sizoqhuba uhlelo lokuvula amathuba omsebenzi olwaziwa nge “S’thesha Waya Waya” lapho yonke iminyango kahulumeni iyalelwe ukuthi iqashe intsha, abesifazane kanye nabakhubazekile.