USomlomo woMkhandlu weTheku uKhansela Thabani Nyawose ubevakashele umphakathi wase Cato Crest e Ward 101 owakhahlamezeka ngenxa yemvula enamandla ngeSonto eledlule. Wedlulise izingubo zokulala kanye nokudla emndenini eyadilikelwa izindlu zabo. UKhansela uNyawose uthe uMasipala usabheka indawo kanye namabhilidi lapho kuzothuthelwa khona imindeni ehleli endaweni esengcupheni. Udlulise amazwi enduduzo kulabo abahanjelwe izihlobo zabo wathi akafisi ukuthi kuphinde kudlule abantu abantu emhlabeni ngenxa yalendawo enobungozi.
USomlomo woMkhandlu weTheku uKhansela Thabani Nyawose ubevakashele umphakathi wase Cato Crest e Ward 101 owakhahlamezeka ngenxa yemvula enamandla
![USomlomo woMkhandlu weTheku uKhansela Thabani Nyawose ubevakashele umphakathi wase Cato Crest e Ward 101 owakhahlamezeka ngenxa yemvula enamandla ngeSonto eledlule. Wedlulise izingubo zokulala kanye nokudla emndenini eyadilikelwa izindlu zabo. UKhansela uNyawose uthe uMasipala usabheka indawo kanye namabhilidi lapho kuzothuthelwa khona imindeni ehleli endaweni esengcupheni. Udlulise amazwi enduduzo kulabo abahanjelwe izihlobo zabo wathi akafisi ukuthi kuphinde kudlule abantu abantu emhlabeni ngenxa yalendawo enobungozi.](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/07/somlomo-png.jpg)