Ibuye ngezinkani imidlalo yebhola lezinyawo yama Varsity Football tournament 2023

SHEILA MHLONGO

SHEILA MHLONGO

Ibuye ngezinkani imidlalo yebhola lezinyawo eyaziwa ngokuthi, University Football tournament, lapho kusuke kuqhudelana izitshudeni zasemanyuvesi ngomdlalo webhola lezinyawo. Lomncintiswano wethulwe ngomhlaka 27 Julayi. Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba ngeviki eledlule.

Isitatimende sichaza sithi lomncintiswano webhola lezinyawo uletha elikhulu isasasa kubafundi basemanyuvesi kanye nakubalandeli bawo ngoba awugcini nje ngokujabulisa kodwa futhi uphinde unikeze abadlali ithuba lokuthola amadlelo aluhlaza kwezebhola lezinyawo.

Siqhuba isitatimende, sith, lomncintiswano we Varsity Football  wasungulwa ngonyaka ka 2013, kanti isasasa lawo selikhule ngendlela eyisimangaliso, ngenxa yokuthi uvulela abadlali amathuba angcono kwezebhola lezinyawo.

Oyisikhulu se Varsity Football, uLisa Roux,uthi  lomncintiswano uyisiqalo esihle kakhulu kubadlali ngoba ilapho bethola khona ithuba lokuveza amathalente abo kwezebhola lezinyawo futhi ubasiza ukufeza amaphupho abo okuba abadlali abavelele.

Kulonyaka kuzobe kuqhudelana izitshudeni zakulama nyuvesi okubalwa; UJ, TUT, NWU, VUT, UFS, CUT, UFH kanye ne UWC, Kanti uqale ngomhlaka 27 Julayi njengoba uyoze uphothulwe ngomhlaka 7 Septhemba kuwo lonyaka

Amaqembu esifazane wona ayobe eqhudelana kowe iVarsity Football Women’s Tournament  eyoba kusukela ngomhlaka 11-19 Agasti, phakathi kwalamaqembu;
UFH, UKZN, UP, Wits, UJ, UWC, DUT kanye ne,TUT

Ngonyaka ophelile  iqembu le TUT lanqoba ele UJ ngo 2-1 kwi semi Final yabesilisa, okungenzeka kulonyaka leliqembu lasePitoli lifuna ukuphinda linqobe futhi njengoba kwenzeka ngo 2016 – 2018, kanti nangonyaka ka2015, 2017 no 2019 lakwazi ukufinyelela kowamanqamu.

Abalandeli bangakwazi ukuzitika ngokubukela lomqhudelwano we,2023 Varsity Football kwi #IyachesaFAN ezinkundleni  zokuxhumana.