Kubanjwe Imbizo yokulwisana nobugebengu eMkhanyakude

SHEILA MHLONGO

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube ubize imbizo yokulwa nobugebengu ebihanjelwe ngabantu abangaphezulu kuka-5 000 eThengani, KwaMsholozi, kuMasipala uMhlabuyalingana  ngoMsombuluko, 24 Julayi . Kule mbizo uNdunankulu wethule emphakathini inkampani ezokwakha udonga olungu-8km oluzosiza ukunqanda ukushushumbiswa kwezimoto zeqiswe umngcele ophakathi koMkhanyakude neMozambique.

KuleMbizo uNdunankulu uDube-Ncube ubehambisana noNgqongqoshe wezamaPhoyisa kuleli , uGeneral Bheki Cele, kube ithimba loNgqongqoshe bakhe okubalwa owezeMpilo Nomagugu Simelane, owezoLimo, kanye nezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uSuper Zuma,owezeMisebenzi kahulumeni kanye nokuHlaliswa kwaBantu, uSipho KK Nkosi,OwezeMidlalo, ubuCiko kanye namaSiko,uDktl. Ntuthuko Mahlaba, uMkhanyakude Local House of Traditional & Khoi-San Leaders Inkosi TM Gumede ekanye neNkosi Mabhudi Tembe.

UNdunankulu ehambisana noNgqongqoshe wamaPhoyisa baphinde badlulela eManguzi Police Station  ngaphambi kokuqala imbizo lapho bethole khona umbiko owethulwe abaphathi besiteshi.

Ngesikhathi kuqhubeka Imbizo umphakathi uthole ithuba lokuveza imibono yawo kodwa uNdunankulu uDube- Ncube uncome ithimba lalabo abaqashwe ukuthi babhekane nokulwisana nezenzo zobugebengu waphinde wancoma ukuba khona kodonga olude futhi oluqinile okuyilo elivimba ukuthi izimoto zingakwazi ukweqiswa ngalena komngcele.

UNdunankulu uthe umsebenzi owenziwa ithimba eliyisipesheli elibhekele ukuqapha ngoba ziningi izigebengu eseziboshiwe kusukela ezinyangeni ezintathu ezedlule kusukela kade behambele leyandawo , wathi izitokisi zigcwele phama.

Kanti futhi uNdunankulu uveze ukuthi kubalulekile ukuthi zonke izinhlaka zomthetho ezikhona okubalwa amasosha, amaphoyisa kanye neSpecial Task Team zibambisane nomphakathi njengoba kukhona izimoto ezintshontwa maqede zifihlwe emizini yabantu

Kuzoba nama Wifi Hotspots azofakelwa angaphezu kuka 400 ukuze kwenziwe ngcono izimpilo zabantu kanye nalabo abanamabhizinisi  abancane nabakhulu ukuze bakwazi ukusebenza , kanti futhi kuzoqeqeshwa intsha ngamakhono okukhanda amaComputer, nokuxhuma ama networks.

Njengoba umphakathi ukhala ngenkinga yemigwaqo ewubhuqu wathi kubalulekile ukuthi uMasipala wendawo ubambisane nohulumeni wesifundazwe ukuze kwakhiwe umgwaqo kodwa okungeke kwenzeka ngaphandle kokuthi kwakhiwe isivumelwano sokusebenzisana, ukuze umphakathi ukwazi ukusizakala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *