IMeya yaseZululand District ihalalisele iRoyal AM FC ngokunqoba kowe Mangosuthu Legacy Cup 2023
Ibe impumelelo imidlalo yeMangosuthu Legacy Cup, ebidlalela Olundi ngoMgqibelo womhlaka 29 Julayi. Lapho bekuqhudelana khona amaqembu ebhola lezinyawo;
Ibe impumelelo imidlalo yeMangosuthu Legacy Cup, ebidlalela Olundi ngoMgqibelo womhlaka 29 Julayi. Lapho bekuqhudelana khona amaqembu ebhola lezinyawo;
Abesina ededelana amaCiko edilini lomculo lokubungaza usuku lokuzalwa kuka Royalson ogama lakhe ngu Andille Humphry Zindela ongumculi osezakhele udumo endimeni yomculo kweze Afro Jazz. Umcimbi ububanjelwe eBat Center eThekwini ngoMgqibelo womhlaka 29 Julayi.
NgeMandela Day abasebenzi beSibaya Casino bachithe usuku benikela ngesikhathi sabo eSibonginhlanhla Primary School lapho befike bapenda izindonga bahlanza nesikole.
UJojiwabantu Ngcobo wenhlangano iSTS Youth Organisation ezinze Embo usethumelele iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla isitatimende lapho ezwakalalisa izindaba ezimnandi zokubonga impumelelo yomcimbi wokukhuthaza intsha obubanjelwe Kwandaya EMAKETHE khona Embo ngomhlaka 24 Juni.
Kuqhubeka kahle kakhulu ukuvotelwa kwamaCiko emncintiswaneni weKZN Namuhla Artisits Awards 2023. Ukuvotelwa kwamaCiko ngendlela yeSMS kusukela ekuqaleni kwenyanga kaJulayi, kanti kuzophothulwa ekupheleni kwenyanga evikini lesibili kuSepthemba, lapho kobe sekuqala uhlelo lokubalwa kwamavoti sekulungiselwa ukubanjwa komcimbi wokuklonyeliswa kwawo amaCiko ngokwezigaba ezahlukene, nokuhlelwe ukuthi kube ngeSonto lomhlaka 24 Septhemba eBat Centre eThekwini..
UNdunankulu uthe umsebenzi owenziwa ithimba eliyisipesheli elibhekele ukuqapha ngoba ziningi izigebengu eseziboshiwe kusukela ezinyangeni ezintathu ezedlule kusukela kade behambele leyandawo , wathi izitokisi zigcwele phama.
Ake niwuhlabe niwulawule kufunwa izihlobo noma umndeni wowesilisa osesithombeni okubikwa ukuthi utholakale elimele kabi. Akwaziwa owakabani nokuthi uneminyaka emingaki naye akasazikhumbuli kahle walimala umqondo.
Njengendlela yokuzibophezela ekulweni nodlame olweyamene nobulili nokukhuthaza ukulingana ngokobulili, ihhovisi elibhekele izindaba ezithinta ubulili, iGender Office engaphansi kophiko lukaMasipala weTheku iCommunity Participation and Action Support Unit, lihambele emphakathini waseMayville.
IPhini leMeya yeTheku ukhansela Zindile Myeni ekanye noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Nonhlanhla Khoza bedlulisa amavawusha kumphakathi waku Kennedy Road
UMasipala weTheku uhlanganyele nothisha baseGugulabasha High School, eNtuzuma esigcemeni sakwa-F, emcimbini obekuhloswe ngawo ukuhlomisa abafundi ngolwazi lwemikhakha eyahlukahlukene yemisebenzi nokukhuthaza abafundi ukuba bazimisele ezifundweni zabo.