Sigcine sifezekile isifiso sikamama wesitshudeni esashonela ePhilliphine

SHEILA MHLONGO

Sigcine  sifezekile isifiso sikamama wesitshudeni ebesenza unyaka wokugcina wezifundo zobudokotela ezweni lase Phillipine ogama laso uSnegugu Nontobeko Myeni, ongowokudabuka eUtrecht ngaphansi kukamasipala waseMadlangeni, esashonela esikhumulweni sezindiza khona kwelase Philipine.

Kuzokhumbuleka ukuthi emasontweni  edlule kwabonakala umama kaSnegugu, onguNkk Lindiwe Myeni ezinkundleni zokuxhumana ezikhalela enxusa iziphathimandla kuhulumeni ukuthi zimsize ngokukhokhela izindlelo zokubuyisa umzimba womtanakhe ukuze naye azofihla ithambo layo, kwazise yena wayengenawo amandla ngenxa yezindleko ezaziphezulu kakhulu.

Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithi umzimba kaSnegugu ufike kuleli ngoLwesine lomhlaka 27 Julayi ngosizo lukahulumeni waKwaZulu-Natali, ngokubambisana noMnyango wezeMpilo, uMnyango obhekele ezobuhlobo namazwe angaphandle (Department of International Relations) kanye nehhovisi loMele iNingizimu Afrika ezweni lase Phillipine, okuyibo abenze izinhlelo eziphuthumayo ukuze kufezeke isifiso sika mama wesitshudeni.

USnegugu ungcwatshwe ngoMgqibelo womhlaka 29 Julayi kubo eUtrecht. Inkonzo yokugcina ibithanyelwe umndeni, izihlobo kanye nehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube Ncube okunguye futhi owethule inkulumo yokududuza umndeni.

“Yize izinhliziyo zethu ziqaqamba ngenxa yeminjunju yokushiywa nguSnegugu, siyabonga ukuthi isifiso sikaMama uLindiwe Myeni nezihlobo sokuthi ithambo likaSnegugu lifihlwe lapho inkaba yakhe ikhona, sigcine  sifezekile.

Ukukhala kwakho Mama Myeni ngokushonelwa yindodakazi yakho okungukuphela kwayo kuthinte abantu abaningi – abagcine bevule izinhliziyo namaphakethe abo ukuze uSnegugu azofihlwa ezweni azalelwa kulo.

Ngala mazwi sithi duduzeka Mama Myeni”.Kusho uDube-Ncube eduduza umndeni.

Obekhulumela umndeni uNksz. NT Myeni ubonge uhulumeni waKwaZulu-Natali oholwa uNkk Nomusa Dube-Ncube ngosizo alwenzile lokubuyisa umzimba kaSnegugu waphinde wabonga bonke abebezimazise umndeni ngesikhathi sobunzima.