UJojiwabantu Ngcobo wenhlangano iSTS Youth Organisation ezinze Embo usethumelele iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla isitatimende lapho ezwakalalisa izindaba ezimnandi zokubonga impumelelo yomcimbi wokukhuthaza intsha obubanjelwe Kwandaya EMAKETHE khona Embo ngomhlaka 24 Juni.
UJojiwabantu uthi ngalomcimbi bebehlose ukukhuza umhlola kubantu abasha ababalekelwe inhlonipho kanye nokuyikhuthaza ukuthi ingakhohlwa imvelaphi yayo.
“Mina njengo Jojiwabantu Ngcobo wase EMBO kwaNdaya ngikholelwa kakhulu ekuthuthukiseni umphakathi wakithi kakhulu kazi abantu abasha, okungakho sibe nomcimbi wokuqwashisa ngezinto ezibulala intsha yakithi futhi saphinde satshala umculo esizweni saseMbo njengento eyithalente, saphinde sakhuthaza ukuthi abantu abasha bahloniphe abazali emakhaya”. Kuchaza uJojiwabantu.
Kulomcimbi kushiyelane inkunda abaculi abafana noCheese Wabantwana no Jojiwabantu, Simphiwe Hlongwa, Sbo Ncwane. Makheni, Alondwe Sgidi kanye nabanye abaningi.
UJojiwabantu uveze ukuthi kuyisifiso sakhe kanye nethimba asebenza nalo kwi siyabalungisa STS YOUTH ORGANISATION, “sifisa ukunakwa kakhulu eMbumbulu yonke futhi zidlalwe nezingoma zethu emsakazweni yonke. Siyfisa nabahleli bemicimbi basinake. Siphinde sicele uqhashwa ku Arts and culture”. Kusho yena.