AYANDA NTOMBELA
Injabulo ibibhalwe ebusweni, kumalunga emindeni emithathu ebimukeliswa izindlu zomxhaso ku ward – 20 eThekwini ukhansela Jomo Mbhele uyena odlulisele izindlu.
Umndeni wakwa Mcwabe nawo ohlomulile kulolu hlelo lokwakhelwa izindlu udlulise amazwi okubonga kakhulu kukhansela uMbhele kanye nethimba asebenza nalo okuyikomidi lomphakathi. “Ngibonga angiphezi kukhansela nethimba lakhe ngokukhumbula umndeni walapha ekhaya kusho umama Mcwabe” elingatholakalanga igama lakhe.
Ukhansela uMbhele uthe “lolu uhlelo lukahulumeni oselunesikhathi eside ngenxa yezingqinamba lwase luthatha isikhathi ukuthi lufezeke, nokho siyathokoza ukuthi seluze lwayi impumelelo, imizi inogesi namanzi sithemba ukuthi bazoyithokozela futhi bayiphathe kahle abanikazi bayo” ephetha .
Abantu abahlomule ngalezi zindlu ilabo ababekade behlala ezindlini ezingekho esimweni esikahle nalabo abakhahlamezwa izikhukhula zango April wangonyaka odlule. Kulomcibi bekukhona izikhulu zikaMasipala weTheku kanye nabakwa Department of housing.