kuqhubeka kahle kakhulu  ukuvotelwa kwamaCiko kowe KZN Namuhla Artists Awards 2023

Kuqhubeka kahle kakhulu ukuvotelwa kwamaCiko emncintiswaneni weKZN Namuhla Artisits Awards 2023. Ukuvotelwa kwamaCiko ngendlela yeSMS kusukela ekuqaleni kwenyanga kaJulayi, kanti kuzophothulwa ekupheleni kwenyanga evikini lesibili kuSepthemba, lapho kobe sekuqala uhlelo lokubalwa kwamavoti sekulungiselwa ukubanjwa komcimbi wokuklonyeliswa kwawo amaCiko ngokwezigaba ezahlukene, nokuhlelwe ukuthi kube ngeSonto lomhlaka 24 Septhemba eBat Centre eThekwini..

Continue reading

Umsebenzi WoFakazi BakaJehova Wokuhumusha Ube Ngaphezu Kobekulindelekile

Ngomhlaka- 15 July 2023 OFakazi BakaJehova bavula ngokusemthethweni amahhovisi amathathu okuhumusha asetshenziselwa ukuthuthukisa lomsebenzi eNingizimu Afrika. OFakazi BakaJehova babiza lezizindawo ngokuthi ama Remote Translation Offices (RTO). Lokhu kwenza ukuthi abahumushi bakwazi ukuhlala lapho uLwimi lwendawo lukhulunywa khona kakhulu. Lezizindawo zise Makhado, eThekwini nase Bronkhorstspruit. Zontathu izinhlelo zokunikezelwa kwalezizindawo ziqhubeke kahle kakhulu njengoba kube nabangu 1000 abafike mathupha kuyilapho abaningi bebexhume ngezobuchwepheshe ukuze babukele loluhlelo.

Continue reading

I-NPA angeke imshushise uMbalula

SHEILA MHLONGO
Abe National Prosecuting Authority (NPA) sebekhiphe isitatimende sokuthi angeke bamshushise uMnu. Fikile Mbalula onguNobhala Jikelele we ANC, ngezinsolo ezimayelana nokuthi yena nomndeni wakhe wathatha iholidi lokuvakashela eDubai.
Lesinqumo seNPA siza emuva kokuthi ngo2019, ihhovisi loMvikeli woMphakathi lakhipha umbiko owawuncoma ukuthi loluphiko lwe NPA kumele luthathele izinyathelo zomthetho uMnu. Fikile Mbalula ngenxa yezinsolo zokuthi inkampani iSedgars Sports yagwazela uMbalula ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko kanye namaSiko, kuleli ukuthi ahambele eDubai phakathi kuka Disemba 2016 kanye noJanuwari 2017.
Lezizincomo zoMvikeli woMphakathi zaziqonde ukuthi uPhiko lweNPA luphenye ukuthi ingabe imali eyakhokhela izindlelo zohambo lwaseDubai yayivele kanjani nokwaze kwavulwa idokodo lecala esiteshini samaphoyisa eBrooklyn, inombolo yecala.
Emva kophenyo lwenziwe abashushisi ePretoria Specialised Commercial Crime Unit office bebambisene Director of Public Prosecutions (DPP)kuphume isinqumo sokuthi angeke ashushiswe uMbalula ngoba abutholakali ubufakazi obeyamene nezenzo zokwephulwa komthetho. Lesinqumo sikhishwe ngoLwesithathu lomhlaka 2 Agasti. – SAnews.gov.za

Continue reading

Kukhuthazwe ubumbano kuhlehla icala elibekwe Inkosi yakwa Mpumuza

Isizwe sakwa Mpumuza ngomhlaka 01 August 2023 ngoLwesibili besiphume ngothi lwaso siyokweseka iNkosi  uKhethokuhle Zondi esolwa ngokuvimbela abebeqala ukwakha imizi yabo ezizeni abazisikelwe wu Mnumzane Zwelinjani Magubane obeyinduna eyadilizwa  ekubhekeni isigodi sakwa Mpumuza.INkosi itshele abezindaba ukuthi ngo 2020 babeka umthetho wokuthi indawo kungabekwa muntu futhi unalo uhla lomhlangano okwavunyelwana  ngawo esigodlweni , yathi kuyayethusa  uma  isibekwa icala iNduna eyasuswa esikhundleni ngonyaka odlule.

Continue reading