Iqembu leZingelosiZezulu elenza umculo we Gospel libonga uMdali

Iqembu leZingelosiZezulu, Group Members libonga uMdali elinamalunga amane okungo, Sizeni Ntozakhe, Nokuthula Nyathikazi, Priscilla Hlophe, Nobelungu Tshezi, Lezintokazi sezikhiphe iAlbum enezingoma eziyishumi nambili, Igama leAlbum NKOSI YEZULU.

“Sibonga inkosi ngomusa wayo ukuthi ekugcineni ize isihlanganise nomntwana wayo umamuMncube  kusukela  ngo2012 sizama siqala lomculo. Sasingena lutho sonke singasebenzi uNkulunkulu emuhle ngelinye ilanga saya etown nomunye wozakwethu sahlangana noBongani Maduna saxoxa naye wathi size kuye estudio sakhe wasifakela ingoma yethu yokuqala ethi ubani ongenasono zange asikhokhise necenti  salokhu siqhubeka ke sihlanganisa sifaka nga1 kunzima waze wasifakela enye ingoma sasizoyirobha ngezintsimbi ngoba singenamali waphinda wasifakela mahhala.  Impela ngeke samkhohlwa, sibonga uSibusiso Hlangu ngokusitakula”. Kusho iqembu.

Izingoma zabo ziyatholakala naku YouTube kanti kungekudala zizotholakala nakumaDigital plartforms. Ungabathola kufacebook: Izingilosi zezulu.group, inombolo yocingo-061 383 8467