Ngomhlaka- 15 July 2023 OFakazi BakaJehova bavula ngokusemthethweni amahhovisi amathathu okuhumusha asetshenziselwa ukuthuthukisa lomsebenzi eNingizimu Afrika. OFakazi BakaJehova babiza lezizindawo ngokuthi ama Remote Translation Offices (RTO). Lokhu kwenza ukuthi abahumushi bakwazi ukuhlala lapho uLwimi lwendawo lukhulunywa khona kakhulu. Lezizindawo zise Makhado, eThekwini nase Bronkhorstspruit. Zontathu izinhlelo zokunikezelwa kwalezizindawo ziqhubeke kahle kakhulu njengoba kube nabangu 1000 abafike mathupha kuyilapho abaningi bebexhume ngezobuchwepheshe ukuze babukele loluhlelo.
U-Logan Moonsamy okhulumela isifunda sakwaZulu-Natal soFakazi BakaJehova uthi ngalezi zakhiwo “Silazisa kakhulu ihhovisi lokuhumusha endaweni yakithi. Lokhu kwenza abahumushi bakwazi ukugxila ngokugcwele olwimini lwendawo, ukuhlukanisa indlela amagama asetshenziswa ngayo”. Yonk imisebenzi yokuhumusha eyayenziwa ngaphambi kuka April 2011 yayenziwa endlunkulu yoFakazi BakaJehova e Krugersdorp. Umsebenzi owenziwa kuma RTO usiza abaningi bafunde iBhayibheli ngolimi lwabo.
Ihhovisi elise Makhado ligxile ekuhumusheni izincwadi zebhayibheli ngesi Tshi-Venda. I RTO yase Thekwini igxile olwimini lwezandla lwaseNingizimu Afrika bese kuthi I Bronkhortspruit inakekela ulwimi lwesiNdebele. Ikheli lehhovisi lokuhumusha laseThekwini u 72 Horizon View, 1 Aurora Drive. Umhlanga Ridge KwaZulu-Natal.
“Siyajabula ngalentuthuko eNingizimu Afrika. Sazi kahle ukuthi lezizakhiwo zizolokhu zikhiqiza izinsiza kufunda zebhayibheli ezijabulisayo zethemba nekusasa elihle elihloselwe ukusiza amalungu omphakathi”, kusho uMzamo Goloda okhulumela Ofakazi BakaJehova kuZwelonke. “Ukwenziwa kwalomsebenzi kubonisa uthando olukhona phakathi koFakazi BakaJehova futhi kubonisa isifiso sabo sokubona zonke izinhlobo zabantu zifunda umyalezo oduduzayo webhayibheli”.
Izinto eziningi ezihunyushiwe zifakwa engosini engokomthetho yoFakazi BakaJehova ethi www.jw.org. Lena ingosi ehunyushwa kakhulu kunazozonke emhlabeni, inezincwadi, amavidiyo, kanye nezinto ezilalelwayo ezilimini ezingaphezu kuka 1 075 kuhlanganise nezilimi zezandla ezingaphezu kuka 100 nezabangaboni emehlweni ze braille ezingu 50. Abantu bazozonke izizinda, amasiko nezinkolelo bangathola amacebiso awusizo ngendlela yesimanje yokuphila ezindinganisweni zebhayibheli ezingaphelelwa Isikhathi.
Amaqiniso Ambalwa
- Balinganiselwa ku 1.2 million abantu abakhuluma isiVenda eNingizimu Afrika
- Balinganiselwa ku 450 000 abayizithulu nabangezwa kahle eNingizimu Afrika
- Bacishe babe ngu 1 000 000 abakhuluma isiNdebele
- Wonke ama RTO awu-11 nezilimi agxile kuzo:
KwaZulu-Natal bagxile olwimini lwesiZulu kanye nolwimi lwezandla lwaseNingizimu Afrika; e-Eastern Cape isiXhosa; e Western Cape I-Afrikaans; e North-West iSetswana; e-Free State I-Sesotho; e-Mpumalanga I-Sepulana nesiNdebele; e-Limpopo I-Sepedi, isi-Tsonga nesi-Venda.