UMpilo Ntombela waseMgababa unephupho lokuba nendawo yokwenza ubuciko

Insizwa esencane enethalente lokudweba isebenzisa ipeni lomsizi obizwa ngo Mpilo Da Guru Art ogama lakhe uMpilo Ntombela waseMgababa Area 38 unesintshisekelo yokuba nendawo lapho ezokhangisa khona umsebenzi wakhe wezandla.
Engxoxweni abenayo uMpilo Da Guru Art neNtatheli ye KZN Namuhla Newspaper uthe ” ubuciko bokudweba ngibuqale mhla ngiqala ukubamba ipeni njalo eskoleni ngisafunda bekungapheli ukudwena noma yini engibonile enhle ngidwebe njengoba injalo.Yize ngisamusha kodwa okukhulu ukuthi mangakwazi ukuthi ngibe nendawo lapho ngizobeka khona imdwebo yami idayise ukuze ngibeke isinkwa etafuleni ngalelithalente enginalo ” kuphetha uMpilo Da Guru.

Continue reading

Iqembu la Cothoza licela uxhaso lokwenza umcimbi wokwethula ialbum yalo ngo- Septhemba

NKOSIE NTOMBELA
Iqembu labantu abasha basendwweni yase Mashiwase eLovu elicula umculo wesicathamiya I United Brothers liphumele obala ngezingqinamba elibhekene nazo.
Engxoxweni abenayo umsunguli weqembu uLungelo Ngidi exoxa neNtatheli ye KZN Namuhla unabe kabanzi ” iqembu lethu esalisungula ngo 2017 sibambisene nabafowethu uSbonelo noDelani Ngidi okungabafowethu siliqale ngenhloso yokubona indawo yangakithi inabantu abasha abanethalente sabaqoqa ukuze kubekhona okuhlukile esikwenzayo okuzoshintsha indawo yangakithi.

Continue reading

Iqembu  likaMaskandi i-Magazi libonge uMashobane ongu Sihlalo  we -Thubelihle Foundation  ngokubeseka emcimbini wabo

Iqembu likaMaskandi lmagazi Ingane Zomlando libonge usomabhizinisi uMashobane Khumalo, onguSihlalo we Thubelihle foundation NPC, ngokubeseka emcimbini wabo. Lokhu kuza emuva kokuthi,iqembu Imagazi lihlele indumezulu yomcimbi obuhlanganisa namaqembu engoma
yebheshu neHip hop, nobubanjelwe endaweni yakwaQoloqolo,eMtwalume ngempelasonto edlule.

Continue reading