NKOSIE NTOMBELA
Iqembu labantu abasha basendwweni yase Mashiwase eLovu elicula umculo wesicathamiya I United Brothers liphumele obala ngezingqinamba elibhekene nazo.
Engxoxweni abenayo umsunguli weqembu uLungelo Ngidi exoxa neNtatheli ye KZN Namuhla unabe kabanzi ” iqembu lethu esalisungula ngo 2017 sibambisene nabafowethu uSbonelo noDelani Ngidi okungabafowethu siliqale ngenhloso yokubona indawo yangakithi inabantu abasha abanethalente sabaqoqa ukuze kubekhona okuhlukile esikwenzayo okuzoshintsha indawo yangakithi.
Okunye esikufisayo siyiqembu lacothoza singathokoza masingathola ongasisiza uma sinemdlalo sivamise ukuba nenkinga yemoto esithuthayo masiya kumncintiswano futhi siyafisa nokuthi siqashwe uma kunemcimbi endaweni yangakithi nakwezinye izindawo” kuphetha uLungelo Ngidi.
Khona manjalo nosihlalo obhekele abalandeli uDumi Ngidi uthe naye usehambe waze waba mfishane ezamela iqembu abonga kakhulu kulaba abalesekayo kakhulukazi abazali bezingane okuyibo abasalule isandla ekusizeni iqembu uma lizoba nendlela waphinde waveza ukuthi kumanje iqembu njengosihlalo aphezu kwakho ukulungiselela njengoba I United Brothers ihlela ukwethula album yayo entsha ngoSeptember kodwa usuku abakolubeki ngoba basashodi ngezinsiza uyacela balule isandla abanamandla ukuze umcimbi wokwethula albhamu ye United Brothers ubimpumelelo.
Iqembu le United Brothers ikhona kwinkundla zokuxhumana kuFacebook : United Brothers Isxaxa , inombolo yocingo 068 290 6382.


