INHLANGANO ISITHELO ICIJE AMANTOMBAZANE NGAMASU OKUBA ABESIFAZANE ABANEKUSASA ELIQHAKAZILE
Amantombazane acijwe ngamasu okuziphatha ukuze abe abesifazane abazaziyo ukuthi angobani futhi abe nekusasa eliqhakazile. Inhlangano Isithelo isona ebesihlele le Workshop ngeviki eledlule.
Isiqubulo sosuku besithi “QUEENS grooming PRINCESSES to be the virtuous QUEENS of tomorrow”. Elulekwe ngokuthi kumele azazi ukuthi angobani empilweni nokuthi aphilelani. Aphinde afundiswa nangokubaluleka kwezikamoya (Spiritual alignment) nokuthi akwazi ukuzimela ngokwezimali, asebenzise lokho anakho ukuze athole lokho akudingayo empilweni.
UNkk Ntsike Magwaza ongumsunguli kanye nomnikazi wenkampani ekhiqiza imithi yezinwele, eyaziwa nge MRS HAIRFIDENCE uyena obeyisikhulumi sosuku.